Abakhubazekile abafanelekile ukuthola uxhaso olungu R25580 nangaphezulu ngenxa yezidingo ezengeziwe njengokwendlala izitini egcekeni nezindledlana ezinye emnyango wendlu, izibambelelo nezindawo zokweneka endlini yokugezela; izinkombandlela eziya emnyango kanye nensimbi sasemnyango zezithulu.
Lolu xhaso luyatholakala kumuntu ngamunye ofisa ukuthenga umuzi noma isiza ehlanganise noxhaso okukhona emakethe . Lolu hlobo loxhaso lutholakala ngohlelo lokuthi loyo ofika kuqala uzoluthola kuqala.
Lo xhaso olunikezwa lezo zakhiwo ezihlanganisile ezivumelekile ezingaba ngezomuntu ngamunye noma ngamaqoso akhiwe ngokusemthethweni ukuthi zingakha ziphathe isakhiwo sokuhlala esihlanganisile.
Lolu hlobo loxhaso luvumula ama-R23100,00 kumuntu ngamunye woqobo noma umndeni ohola ngaphansi kwama- R3500,00 ngenyanga.
Lolu hlelo lwemalimboleko lusebenza ngendlela yokuphula. Le ndlela yokuphula iphethwe ngumphakathi ngqo, bese kuthi uhlelo lwemalimboleko luxhase leyo mindeni enongeniso mali oluncane ukwelekelela uhlelo lokuzenzela, ukonga kanye nokukhuthaza ukuzakhela nokulungisa lezo zindawo zokuhlala ezikhathini ezithize.
Kwabahlala endaweni eneziza ezihloliwe ezidayisiwe nguhulumeni, ufanele ukuthola lolu xhaso oluhlaganisile olutholakalayo.
Lena imizi eyakhiwe ngabakhi abaqashwe nguhulumeni wesifunda noma kohulumeni basemakhaya kulawo maqoqo abefanelwe ukuxhaswa.
Esifundweni sase-Limpopo yakhiwe ngemixhaso emi- 5 ilandelana ivela ohlelweni lomxhasa lwezindawo zasezabelweni luhlukanyiswe ababolekisa izimali bakwa - Angishana lwahlaganiswa ngemali eyongiwe yilowo mndeni obolekwayo.
Lolu xhaso lunikwa labo bantu abafuna ukuzakhela izindlu ngokwabo. Lolu hlelo lwahlukile kulolu oluhlanganisiwe nezinye izinhlelo lapho usonkontilaka akha khona izindlu ezakhela abantu abaningi , kanti lolu hlelo lwabantu lokwakha izindlu luvumela abantu ukwakha noma ukuzilungisela nokuzakhela izindlu zabo. Abantu bazibambele mathuba ekwakheni izindlu zabo, bese belekelelwa inhlangano engumelekeleli, imali yokukhokhela lenhlangano engumelekeleli ngokwelekelela ikhono.
Uhulumeni uveze umthetho wokuthi umxhaswa kudingeka akhokhe ukuze afinyelele ohlelweni lokuxhaswa. Inhloso yaloku ukuthi umxhaswa naye abambe iqhaza ekuxazulelweni inkinga yezidingo zezindlu , ukuze umoya wesiko lokonga, umxhaswa abenako ukwazisa loku okwamukelekayo ngoxhaso ngendlela kusukela ngomhlaka -01 Apreli we-2002, abemukela uxhaso balindeleke ukuba nabo bafake isandla.
Abagugile, abakhubazekile, nalabo abanempilo esikhahlamezekile kodwa uma benemali - ngeniso engaphansi kwezi-R3500 ngenyanga.
Lolu xhaso lenzelwe labo abanamalungelo endawo abayisebenzisayo kodwa benganabunikazi bayo. Le ndawo isuke ingekahulumeni ngaphansi kweso lomthetho labaholi bendabuko. Lolu xhasolenziwa kuphela ngendlela yezinye yezinhlelo lapho kukhona abasekeki noma abelekeleli abayizinhlangano. Umxhaswa unayo imvumo yokukhetha ukuthi uxhaso luzofaka isandla. Ekuhlanganyeleni kwemboleko, noma ekwakheni indlu noma inhlanganisela yako kokubili.
Phambilini, ikakhulukazi emalokishini abansundu anjengo-Soweto , e-Mamelodi namanye, uhulumeni owedlule wakha izindlu zokuqasha. Abahlala kuzona abaqashi abangena kulezi zindlu ngaphambi komhlaka- 15 Mashi 1991, sebengafaka izicelo zesaphulelo ekuthengeni lezo zindlu esingafinyelela kuzi- R7500,00.
Isikhathi esiningi lezi zindlu zinikezwa mahala ngenxa yenani lwesaphulo esiyizi- R7500,00 esingaphezulu lwenani lendlu qobo.
Iqophelo elidlulile kuzi- R579,00 loxhaso lungasetshenziswa ezingeni eliphansi lobungcweti bobunjiniyela.
Ingxenye esele yi-R12521,00 ingasetshenziselwa isakhiwo sangaphezulu, bese okungena ngaphansi kwama mitha ayisikwele angu 30 (30m) yephansi lendlu eliphelele.
Abadinga uxhaso lokwakhelwa ngabakhi izindlu, kufanele bakhokhe kuqala isamba esiyizi-R2479,00.
Uhlelo lwezindlu zangasese, uhlelo loku donsa amanzi ngaphandle neloku tholakaka kwamanzi luyisidingoqangi.
Abafuna ukuxhaswa ngohlelo lokwakhelwa izindlu zabantu, bona abadingekile ukuba bafake isandla ngeyabo imali.
Abalingani bethu ohlelweni lokwakhiwa kwezindlu nokuthi msebenzi muni?
Uhlelo lokususwa ezindlini uye kwenye ukuba lube yisu lokulungisa isimo esifanele lezi zindlu loluhlelo lwenziwa ngokuhlanganyyela ezinkampanini zamabhange kanye nohulumeni ukuba axhumanise ekusebenziseni uhlelo lokubekwa kabusha ukuze kulungiswe isimo esifanele sezindlu.
Ukufuna ulwazi nemininingwane yezindlu ezidingekayo phezu kwenani elifanelekile.
i-Servcon izoloku iqhubekile nokunikezela i-Thubelisha Homes ngolwazi olunzulu mayelana nezindlu esezingene esivumelwaneni sesilinganiso esifanele. Lolu lwazi luzobe selisetshenziswa i-Thubalisha Homes ukuqhathanisa nokuhlaziya isimo sendawo nokuba ukuthi amandla akhona yini uma kubhekwa inani, nemvelo kanye nebalazwe lezindlu ezidinge kayo.
I-NURHA ugunyazwa ukuhlahla indlela yokutholakala kwezimali kulezo zindawo ezimbi ukuze uthuthukise ukwakhiwa kwezindlu zabahola kancane . Futhi engamela uhlelo lokonga imali yokwakhiwa kwezindlu.
Ukwakha nokuhlumelelisa amandla ezakhiwo zezindlu.
Ukukhuthaza nokusabalalisa ngaphakathi nangaphandle kwezwe, ubudlelwano ngokuthi ahlanganise noma axhumamise bonke ababambi qhaza ndawonye ngezindlela ezihlukene zezinhlangano, ukuze kuthelelwane ngolwazi namakhono kanye nokuhlanganyela ngokubambisana.
I-NHBRF igunyazwe ukumelela amalunga abasebenzisi bohlelo lokwakhiwa kwezindlu ngokubanikeza isiqiniseko esiyisivikeli ezakhiweni ezinamaphutha ezindlini ezintsha, nokuvikela abanikazi bezindlu, abakhizindlu, abafanelekile ngezidingo, isibophezelo lapho kungabanga khona kahle, ukuthi balungise ngaphansi kwalo mthetho.
Isizwe esakhelwe phezu kwesisekelo esihle sezindawo zokuhlala ezinobuntu.
